Skip to Content

UJobe Chapter 9

1 Wayesephendula uJobe ethi: 2 Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo , kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na? 3 Uma efuna ukuthetha amacala naye , angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane. 4 Ehlakaniphile enhliziyweni , eqinile emandleni , ngubani oziqinisele kuye , waphumelela, 5 yena ogudluza izintaba ngokungazeleli, ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe; 6 ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo; 7 oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi; 8 oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle; 9 owenza iBhere, neMpambano, nesiLimela, namaKamelo aseningizimu; 10 owenza izinto ezinkulu ezi ngenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa. 11 Bheka, uyangidlula, ngingaboni; uyagudla, ngingezwa. 12 Bheka, uyabamba; ngubani ongamkhalima na ? Ngubani ongasho kuye ukuthi: Wenzani na? 13 UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe ; phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi. 14 Pho, mina ngingamphendula ngithini , ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na? 15 Noma bengilungile , bengingenakumphendula, kepha nginxuse umahluleli wami. 16 Uma bengimbizile abesengiphendula , bengingayikukholwa nokho ukuth i ubekile indlebe ezwini lami. 17 Uyangilimaza ngesiphepho; uyandisa amanxeba ami ngeze. 18 Kavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu. 19 Uma kuyindaba yamandla , nangu onawo ; uma yindaba yokwahlulela , ngubani ongimemayo na? 20 Noma ngilungile, umlomo wami uyakungilahla ; noma ngingenacala , uyakuthi ngonakele. 21 Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami; anginanzi ukuphila kwami. 22 Ukuphela kunye nje; ngalokho ngithi: Uyaqeda ongenasici kanye nomubi. 23 Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo, uyahleka ingozi yabangenacala. 24 Umhlaba unikezwe esandleni sababi ; uyasibekela ubuso babahluleli bawo ; uma kungesiye, pho, ngubani na? 25 Imihla yami iyashesha kunesigijimi; iyabaleka ingabonanga okuhle. 26 Itshuza njengomkhunjana womhlanga , njengokhozi olutheleka empangweni. 27 Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami , ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike, 28 ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami , ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala. 29 Ngiyakulahlwa mina; ngikhandlekelani ize na? 30 Noma ngizigeza ngamanzi eqhwa, ngihlambe izandla zami ngensipho, 31 uyakungicwilisa nokho emgodini, izingubo zami zinengwe yimi. 32 Ngokuba akasiye umuntu onjengam i ukuba ngingase ngimphendule , siye kanyekanye ekwahlulelweni. 33 Akukho mnqamulajuqu phakathi kweth u ongabeka isand la sakhe phezu kwethu sobabili. 34 Makayisuse induku yakhe kimi; ingebhe ngaye mayingangesabisi. 35 Khona ngiyakukhuluma, ngingamesabi, ngokuba anginjalo ngokwami.