U-Esteri Chapter 2
1
Emva kwalokho lapho ulaka lwenkosi u -Ahashiveroshi selubohlile , yamkhumbula uVashiti nalokho akwenzileyo , nalokho okumenyezelwe ngaye.
2
Zase zithi izinceku zenkosi ezaziyikhonza : Inkosi mayifunelwe izintombi ezibukekayo,
3
inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi , umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.
4
Intombi enhle emehlweni enk osi mayib e yinkosikazi esikhundleni sikaVashiti. Yaba nhle leyo nto emehlweni enkosi, yenze njalo.
5
Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,
6
owayethunjiwe eJerusalema kanye nabathu njwa ababethunjwe noJekoniya , inkosi yakwaJuda, owathunjwa nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele.
7
Wayelokhu emondla uHadasa ongu -Esteri, indodakazi kayisekazi , ngokuba wayengenayise, engenanina; intombi yayiyinhle , yayibukeka; sebefile uyise nonina, uMoridekayi wayithatha yaba yindodakazi yakhe.
8
Kwathi lapho izwi lenkosi nesimemezelo sayo sekuzwakele , nalapho izintombi eziningi zibuthene eShushani endlini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, u-Esteri wangeniswa endl ini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, umgcini wabesifazane.
9
Intombi yayiyinhle emehlweni akhe , yafumana umusa kuye ; washesha wayinika izinto zokuqhola , nezabelo zayo , nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi , wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane.
10
Kepha u-Esteri wayengakhulumanga ngabantu bakubo nangezihlobo zakhe , ngokuba uMoridekayi wayeyiyalile ukuba ingakusho.
11
UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.
12
Lapho kufika isikhathi sezintombi ngezintombi sokuba zingene enkosini u - Ahashiveroshi emva kokuba kwenziwe kuzo njengomthetho wabesifazane izinyanga eziyishumi nambili ngokuba zagcwalis wa kanjalo izinsuku zokuqholwa kwazo , izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure nezinyanga eziyisithupha ngamakha nangezinto zokuqhola abesifazane
13
intombi yangena ngaleyo ndlela enkosini , nakho konke eyakushoyo yakunikwa ukuba iphume nakho endlini yabesifazane, iye endlini yenkosi.
14
Yangena khona kusihlwa ; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi , induna yenkosi , umgcini wezancinza , ingaphindi ingene enkosini , uma inkosi ingathokozanga ngayo , ibizwe ngegama.
15
Lapho sesifikile isikhathi sika -Esteri, indodakazi ka -Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho , kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane . U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.
16
U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi , eyinyanga kaThebeti , ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.
17
Inkosi yamthanda u -Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi , wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.
18
Inkosi yayisizenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu , idili lika-Esteri, wanika izifunda uk uphumula, waphana ngezipho njengokupha kwenkosi.
19
Lapho izintombi sezibuthwa ngokwesibili , uMoridekayi wahlala esangweni lenkosi.
20
U-Esteri wayengakalandi lutho ngezihlobo zakhe nangabantu bakhe , njengalokho uMoridekayi amyala ngakho , ngokuba u-Esteri wenza okushiwo nguMoridekayi njengalapho esondliwa nguye.
21
Ngalezo zinsuku uMoridekayi esahlezi esangweni lenkosi, izinduna ezimbili zenkosi oBigithani noThereshi kubalindisango zazithukuthele , zafuna ukubeka izandla enkosini u-Ahashiveroshi.
22
Leyo ndaba yaziwa nguMoridekayi , wayitshela u-Esteri inkosikazi; u-Esteri wayisho enkosini egameni likaMoridekayi.
23
Lapho indaba iphenywa , kufunyanwa ukuthi injalo , zaphanyekwa zombili emthini; kwalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla phambi kwenkosi.