Skip to Content

IzEnzo Chapter 16

1 Khona wehlela eDerbe naseListra . Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe , indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki, 2 owayefakazelwa kahle ngabazalwane baseListra nabase-Ikoniyu. 3 Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo ; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki. 4 Kwathi bedabula imizi , babanika izinqumo ezanqunywa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine. 5 Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni , anda ngobuningi imihla ngemihla. 6 Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya , benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya; 7 sebefikile ngaseMisiya , balinga ukuya eBithiniya , kepha uMoya kaJesu akabavumelanga. UPawulu uwelela eMakedoniya 8 Badlula eMisiya, behlela eTrowa. 9 Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku ; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: Welela eMakedoniya, usisize. 10 Lapho esewubonile umbono , safuna masinyane ukuya eMakedoniya , sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli. 11 Khona samuka eTrowa ngomkhumbi , saqonda eSamotrake , ngangomuso safika eNeyapholi. UPawulu ushumayela eFilipi; ukukholwa kukaLidiya 12 Sisuka lapho saya eFilipi elingumuzi oyikhanda lesifunda saseMakedoniya , ikoloni. Kulowo muzi sahlala izinsuku ezithile. 13 Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona ; sahlala phansi , sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene. 14 Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya , engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu. 15 Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe , wasincenga wathi: Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona, wasicindezela. UPawulu uyaboshwa 16 Kwathi siya endaweni yokukhuleka , kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula. 17 Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso. 18 Yakwenza lokho izinsuku eziningi . Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya : Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo. Wayesephuma ngaso leso sikhathi. 19 Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi, 20 babayisa ezinduneni , bathi: Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi bengabaJuda; 21 bafundisa imikhuba esingavunyelwe ukuba siyam ukele, siyenze thina esingamaRoma. 22 Isixuku sase sibavukela , nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo , bashaywe ngenduku; 23 sezibashayile imivimbo eminingi , zabaphonsa etilongweni , zayala umgciniziboshwa ukuba abagcine impela; 24 yena eyaliwe kanjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni. Ukuphenduka komgciniziboshwa 25 Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa; 26 kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu , kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo ; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke. 27 Kwathi umgciniziboshwa ephaphama , wabona iminyango yetilongo ivulekile; wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wathi iziboshwa ziphunyukile. 28 Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke. 29 Wayesebiza izibani , wagijimela phakathi ethuthumela , wawa phansi phambi kukaPawulu noSila, 30 wabakhiphela ngaphandle , wathi: Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na? 31 Bona bathi : Kholwa yiNkosi uJesu , yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho. 32 Base bemshumayeza izwi likaNkulunkulu , yena nabo bonke ababesendlini yakhe. 33 Wabathatha ngaso leso sikhathi sasebusuku , wabageza imivimbo , wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe, 34 wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu. 35 Kepha sekusile, izinduna zathuma izikhonzi, zathi: Bakhulule labo bantu. 36 Umgciniziboshwa wabikela uPawulu law o mazwi , wathi: Izinduna zithumele ukuba nikhululwe. Ngakho phumani manje, nihambe ngokuthula. 37 Kepha uPawulu wathi kuzo : Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma , basiphonsa etilongweni ; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe. 38 Izikhonzi zabikela izinduna lawo mazwi . Zona zesaba sezizwa ukuthi bangamaRoma, 39 zeza zabancenga; sezibakhiphile zabanxusa ukuba bamuke emzini. 40 Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya ; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka.