IzEnzo Chapter 12
1
Ngaleso sikhathi uHero de inkosi welula izandla ukuba ahluphe abathile bebandla.
2
Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba.
3
Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda , waqhubeka wambamba noPetru. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo.
4
Wambamba, wamfaka etilongweni , wamnikela emaviyweni amane , yilelo nalelo linamabutho amane , ukuba amlinde , ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika.
5
Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.
6
Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa , ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili , eboshiwe ngamaketanga amabili , nabalindi phambi komnyango begcina itilongo.
7
Bheka, yafika ingelosi yeNkosi , kwakhanya ukukhanya etilongweni , yamshaya uPetru ohlangothini , yamvusa ithi : Shesha usuk ume. Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.
8
Ingelosi yathi kuye: Gqoka, ufake izicathulo zakho. Wenze njalo. Yathi kuye: Yembatha ingubo yakho, ungilandele.
9
Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi , kodwa wayethi ubona umbono.
10
Sebedlulile kubalindi bokuqala nabesibili bafika esangweni lensimbi eliya emzini, labavulekela ngokwalo , baphuma, badlula isitaladi saba sinye ; ingelosi yayisimshiya masinyane.
11
UPetru esesangulukile wathi : Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo , yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.
12
Sekumkhanyele lokho , wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku, lapho bebebuthene khona abaningi bekhuleka.
13
Esengqongqotha esivalweni sesango , yeza intombazana ukusabela , egama layo linguRoda;
14
isilizwile izwi likaPetru ayivulanga esangweni ngenxa yokuthokoza, kepha yagijima yabika ukuthi uPetru umi ngasesangweni.
15
Kodwa bathi kuyo : Uyahlanya. Yona yaqinisa yathi : Hhayi, kunjalo. Bona bathi: Yingelosi yakhe.
16
Kepha uPetru waqinisa wangqongqotha ; sebevulile babona ukuthi nguye , bamangala.
17
Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule , wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni , wathi: Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu . Wayesephuma, waya kwenye indawo.
18
Sekusile, kwaba khona ukunyakaza okukhulu phakathi kwamabutho kokuthi uPetru wehlelwe yini.
19
UHerode esemfunile engamfumananga , wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona. Ukufa kukaHerode
20
Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni ; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi , bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.
21
Ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi , wahlala esihlalweni, wakhuluma kubantu.
22
Abantu bamemeza bathi: Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu.
23
Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho , ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.
24
Kodwa izwi likaNkulunkulu lakhula, landa.
25
Kepha oBarnaba noSawulu babuya eJerusalema sebeqede ukukhonza kwabo, behamba benoJohane othiwa uMarku.