Skip to Content

IsiLilo Chapter 4

1 Yeka ukufiphala kwegolid e nokuguquka kwegolide elihle ! Amatshe endlu engcwele ahlakazekile ezingosini zazo zonke izitaladi. 2 Amadodana anqabileyo aseSiyoni , elingene negolide elihle , yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba, imisebenzi yezandla zombumbi! 3 Namakhanka ehlisa , ancelise amazinyane awo . Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane. 4 Ulimi loncelayo lunamathel a olwangeni lwakhe ngokoma . Izingane zicela isinkwa, kepha akakho ozihlephulelayo. 5 Abakade bedla okumnand i sebechithakele ezitaladini . Ababekhuliswa ngokububende sebesingatha izala. 6 Ukona kwendodakazi yabantu bam i kukhulu kunesono saseSodom a elachithwa ngokuphazima kweso, kungasondelanga zandla kulo. 7 Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane , babe mhlophe kunobisi; imizimba yabo yayibomvana kunekorali, isimo sabo sasinjengesafire. 8 Ubuso babo sebumnyama kunelah le, abaziwa ezitaladini . Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo, sishwabene, saba njengomuthi. 9 Babe ngcono ababebulawa ngenkemba kunababebulawa ngendlala, ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu. 10 Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami. 11 UJehova ufezile ukufutheka kwakhe, uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe; uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo. 12 Amakhosi omhlab a ayengakholwa kanye nabo bonke abak hileyo ezwen i ukuthi abamelene nabo nezitha zab o babeyakungena emasangweni aseJerusalema. 13 Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi bal o ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo. 14 Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini, bengcolile ngegazi ngangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo. 15 Chezukani, ningcolile! bamemeza kubo: Chezukani, chezukani, ningathinti! Lapho bebaleka bezulazula , bathi phakathi kwabezizwe : Abasayikugogobala lapha. 16 Ubuso bukaJehova buyabahlakaza , akasayikubanakekela. Abahloniphi ubuso babapristi, kababanga namusa kumalunga. 17 Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize ; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa. 18 Bazingela izinyathelo zeth u ukuba singahambi ezigcawini zethu . Ukugcina kwethu kuseduze, izinsuku zethu zigcwele, yebo, ukugcina kwethu kufikile. 19 Abasixoshayo babenejubane kunezinkozi zezulu ; basizingela ezintabeni , basiqamekela ehlane. 20 Umoya wamakhala ethu , ogcotshiweyo kaJehova , wabanjwa emigodini yabo, esathi ngaye: Phansi kwethunzi lakhe siyakuphila phakathi kwezizwe. 21 Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu. 22 Ububi bakho sebuphelile, ndodakazi yaseSiyoni, kasayikukuthumba. Ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi, uyakubuhambela, azambule izono zakho.